Ngokulandela umthetho wokuphathwa kwezohwebo lwamazwe omhlaba we-International Trade Administration Act, 71 of 2002, uNgqongqoshe wezoHwebo neZimboni angathi lapho ebona kufanele noma kuyinto ewusizo ngokubonelela isizwe, angathi ngokwenza inothisi kuGazethi kaHulumeni, abeke ukuthi akukho mpahla ngaphandle kwaleyo yeklasi ethize noma yohlobo oluthize engangeniswa ngaphakathi eNingizimu Afrika; noma engangeniswa ngaphakathi eNingizimu Afrika ngaphandle kwegunya le noma ngokulandela izimo ezibekwe kwimvume enikezwe nguye noma ngumuntu ogunyazwe nguye.
Izicelo zemvume zokungenisa impahla ngaphakathi, impahla engaphansi kolawulo lwezimpahla kumele ifakelwe kwifomu elibekiwe.
Inhloso yenkonzo wukuqinisekisa ukuthi impahla ethengiswa okwesibili engeniswayo, ngeke yacikela phansi imboni yeningizimu ne-Afrika i-Southern African Customs Union . Le nqubo iqinisekisa nokuthi kuba nolawulo lwempilo yesimo sendalo kanye nangezizathu zezokuvikeleka, ukuphepha kanye nokulandelwa kwamaqophelo, kanye nolawulo ngenhloso yokulandelwa kwezizathu zezendalo.
Kumele kugcwaliswe amafomu esicelo ebese efakelwa.
Asikho isikhathi esibekiwe sale nkonzo.
Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.
